Kubikwa ukuthi iManchester United isibheke ukusayinisa umgadli ongalibheki ipali ngemuva kokusayinisa obewumdlali weBrentford FC uBryan Mbeumo okulindeleke ukuthi asize iqembu phambili.
I-United imemezele izindaba zokusayinisa uMbeumo, odabuka eCameroon, izolo ngemuva kokudlula kwamasonto ixoxisana neBrentford ngokumsayinisa.
Lo mdlali kuthiwa washesha waphumela obala ngesifiso sakhe sokujoyina iRed Devils ngemuva kokuphela kwesizini edlule. Ngokombiko weDaily Mail, iTottneham Hotspur neChelsea bazame ukuphuca i-United iqatha emlonyeni kulo mdlali kodwa bangaphumelela ngenxa yokuthi inhliziyo yakhe ise Old Trafford.
UMbeumo ngesizini edlule kwiPremier League uvalele amagoli awu-20, washaya nama-assist ayisikhombisa, okuzomenza abe yisikhali esinzima uma kuhlaselwa eqenjini likaBruno Amorim.
Ngaphandle kwakhe i-United ibisivele ilande uCunha kwiWolves, naye ofika namagoli nama-assist. Njengoba iformation ye-United isebenza ngonombolo 10 ababili, laba badlali bazongena khaxa. UCunha uzogijima kunombolo 10 kwesokunxele, uMbeumo aphushe kwesokudla njengoba ebenza kwiBrentford.
Osekusele manje wunombolo 9 omusha. Phela abagadli be-United ngesizini edlule bashaye udaka. Ngikhuluma ngoJoshua Zirkzee noRasmus Hojlund abavelele amagoli ayisithupha kwiPremier League nakhona uma ehlanganisiwe. UZirkzee ukore amagoli amabili, uHojlund wakora amane.
Lokhu sekwenze u-Amorim afake isicelo somgadli omusha ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2025/26. Lo mqeqeshi ubefisa ukusayinisa uVictor Gyokores kwiSporting Lisbon kodwa lo mdlali waphoxa abaningi kwi-United kuvela izindaba zokuthi unesifiso sokujoyina i-Arsenal.
Muva nje i-United imataniswa noNicolas Jackson weChelsea, okuwumdlali abalandeli beqembu abangamuzwa kahle uma sibuka esesikufunde ezinkundleni zokuxhumana. EkaJackson ayicaci kahle ngoba kuthiwa iChelsea izofuna imali eshisiwe kwiqembu elifisa ukumsayinisa, kukhulunywa ngo-70 kuya ku-100 million Euros, kodwa obembuka lo mdlali kumasizini edlule uyazi ukuthi inani lakhe kufanele ngabe alisondele nakancane lapho.
Omunye umgadli okuthiwa ubhekwe yi-United wuBenjamin Sesko (22) ovalele amagoli awu-13 emdlalweni ewu-33 edlalela iRB Liepzig ngesizini edlule.