Umengameli weFC Barcelona uJoan Laporta uthi banayo imali yokusayinisa umdlali we-Athletic Bilbao neSpain, uNico Williams (21).
UWilliams ngesizini edlule uvalele amagoli amahlani, washaya nama-assist awu-11. Njengamanje ushubisa izinto kwiSpain nomdlali weBarca uLamine Yamal (16).
Noma sekucacile ukuthi lo mdlali uzimisele ngokuhlala kwiLa Liga noma efunwa nayiLiverpool, iBarcelona ike yaba nenkinga yezimali eminyakeni edlule.
Ukuze isayinise abanye abadlali kudingeke ukuthi ibalinde baphelelwe yizinkontileka ngenxa yemithetho yeFincial Fair Play.
ULaporta uthi sekusele kancane baphume kulolu taku.
“Ngingakusho kugcwale umlomo nje ukuthi wumdlali engimthandayo. Sesingakwazi ukumsayinisa uNico Willams. Sesingakwazi ukumelana nokusayinisa umdlali onjengaye.
“Maduze nje sizobuyela esimeni esifanele kwiFincial Fair Play.”
Lo mdlali uzobiza imali elinganiselwa phakathi kuka €34.2M no€57M.