Uhambe ekhala ngokuboza kweqembu lakhe umqeqeshi weManchester United u-Erik ten Hag beshaywa yiRosenborg yaseNorway ngo 1-0 izolo kowobungani.
Lo mqeqeshi uthe akakugqizi qakala ukuthi bekuwumdlalo wokucija abadlali nokuthi bekugcwele abadlali benkulisa. Bebekhona noMason Mount, Marcus Rashford, Casemiro noJohny Evans.
“Lo mphumela asiwuthatheli phansi noma sidlala imidlalo yokulungiselela isizini entsha. Siyi Man United, kulindeleke ukuthi sinqobe njalo uma sidlala,” kusho uTen Hag ekhuluma neMUTV ngemuva komdlalo.
“Uma ungeke unqobe, zama phela ukungadliwa ngendlela esidliwe ngayo namhlanje emzuzwini wokugcina womdlalo. Okubalulekile yindlela esidlale ngayo, nayo ibingaphansi kwezinga elifanele.
“Singakhohlisana sibuke okuhle kulo mdlalo obubheda, kodwa angilona lolo hlobo lomuntu.
“SiyiMan United, kumele sidlale kangcono.”
IMan United izobhekana neRangers ngoMgqibelo ngo-5 ntambama, bese idlulela kwi-Arsenal ngoJuly 28.