Umqeqeshi omusha we-Al Wahada, okuyiqembu eligijima e-United Arab Emirates, uPitso Mosimane, useveze ukuthi asanephupho lokuqeqesha e-Europe ngelinye ilanga.
UPitso uthole umsebenzi e-UAE, ebalwa namazwe ayikha ngamafosholo imali, kulandela ukuhlukana ne-Al Ahli yaseSaudi Arabia ayibuyisele kwiPro League. Lo mqeqeshi owayepheka iSuperSport United neMamelodi Sundowns kuleli uveze ukuthi okwamanje alikho iqembu lase-Europe elicele ukumnikeza umsebenzi.
“Ngabe i-Europe izimisele ngokuba nomqeqeshi wase-Africa? Angiboni. Ngisho nalaba abamnyama abazalelwe khona abalitholi ithuba,” kusho uMosimane ekhuluma nabezindaba.
“UDwight Yorke (owayedlalela iManchester United) wathi uneziqu futhi uyaziwa umlando wakhe ebholeni kodwa uma ezama ukuqeqesha akekho ofuna ukumthatha. Umhlaba unje okwamanje.
“Ngokomlando wami njengomqeqeshi ngibona kungifanele ukuqeqesha e-Europe ngoba sengike ngabhekana nabaqeqeshi base-Europe emdlalweni emikhulu yeCAF Champions League. Ngibhekane nabo nakwiClub World Cup sakhombisa esikwazi ukukwenza. Umqeqeshi usebenza ngamathuluzi anawo.”