Owayengumdlali weMamelodi Sundowns uPhelelani Mpangase uthi leli qembu lidlala indavundavu yebhola kule sizini uma eqhathanisa namasizini edlue.
Engxoxweni neKickOff uMpangase uzwakalise ukungenami ngebhola likaMiguel Cardoso, waveza nokuthi ukuboza kweSundowns ukubona kuphazamise umgqigqo weBafana Bafana, elanyulelwe wukuba sefomini kwabadlali be-Orlando Pirates.
“Ngokwami ngithi buka indlela iSundowns eyayidlala ngayo bese ubuka indlela edlala ngayo njengamanje, kubi, kubi kakhulu,” kusho uMpangase kwiKickOff.
“ISundowns yayidlala kahle ngaphansi kuka Rulani Mokwena. Abadlali babekwazi ukusuka nebhola emuva, behlasela ngezigaba neminyakazo ehlukene…manje awusaziboni izinto ababezenza.
“Manje uma iSundowns ingadlali kahle, kuthikameza iqembu lesizwe. Uma sibuka emuva, iBafana ibidlala kahle ngenxa yabadlali beSundowns kaRulani, asikhulumeni iqiniso.”
“Okuhle wukuthi ithe ingenzi kahle iSundowns, yenza kahle kakhulu i-Orlando Pirates. Uma ubuka umdlalo weBafana wokugcina kwakugcwele abadlali bePirates.”