Ukushiya kukaSteve Barker kanye nemibiko yokuhamba kwabadlali abamqoka ekupheleni kwesizini sekuphakamise imibuzo ngekusasa leStellenbosch FC kwiPSL.

IStellies iqale le sizini ngebatha njengoba isanqobe kathathu kuphela emdlalweni ewu-14, okuyibeke kunombolo 14 kwi-log yeBetway Premiership.

Izolo kuvele izindaba zokuthi uBarker useshiyile kuleli qembu wajoyina elinye lamaqembu amakhulu aseTanzania iSimba SC. UBarker ulaxaza iStellies kusayihambela kahle kwiCAF Confederations Cup njengoba iwunombolo 1 kuGroup C.

IStellies iqinisekise ukuthi uyahamba esitatimendeni esifakwe ezinkundleni zokuxhumana namhlanje.

“IStellenbosch FC iyakuqinisekisa ukuthi uSteve Barker usehoxile esikhundleni sakhe sokuba wumqeqeshi weqembu ukuze eyoqala umsebenzi omusha neqembu elidlala kwiTanzanian Premier League, iSimba SC.

“Siyabonga kakhulu ngakho konke akwenzele iqembu eminyakeni ewu-9 edlule, futhi simfisela okuhle kodwa emsebenzini omusha.”

Ngaphandle kokuhamba kukaBarker, ekupheleni kwesizini nesitobha uThabo Moloisane uyahamba naye kanti kulindeleke ukuthi ajoyine i-Orlando Pirates. Umdlali odabuka eNew Zealand u-Andre De Jong ngenyanga ezayo uya kweZimnyama.

UDevin Titus namanje akukamenyezelwa lutho ngenkontileka yakhe entsha njengoba esezinyangeni eziyisithupha zokugcina kuleli qembu naye. Ukushiya kukaBarker kungenzeka kushintshe umqondo wakhe ngokuhlala eWestern Cape.

Okwenzeka kwiStellies njangamanje sekusabalalise amahlebezi, angaqinisekisiwe, okuthi mhlawumbe iqembu lizodayiswa njengoba kusanosomabhizinisi abazimisele ngokuthenga amaqembu adlala kwiBetway Premiership.