Umdlali weCultural y Deportiva Leonesa uLucas Ribeiro Costa uthi noma ejabule kuleli qembu, akazi ikusasa limphatheleni njengoba sekuvele elinye iqembu elimfunayo.
Lo mdlali ufulathele iNingizimu Afrika isishiphelene phakathi kwakhe nabaphathi beMamelodi Sundowns ayebasola ngokungafuni ukumdedela ngemuva kweFIFA Club World Cup.
Ugcine ejoyine iLeonesa okuyiqembu aseqala ukungena kulo egiyeni ngemuva kokuchitha isikhathi esiningi ekhuhla ibhentshi ngenxa yokungabi sesimeni esifanele uma kukhulunywa nge-fitness.
UCosta usevalele amagoli amane nama-assist amaboli emdlalweni ewu-15, kodwa indlela adlale kahle ngayo ngenyanga edlule uze wanikezwa indondo yePlayer of the Month kwiLaLiga 2.
“Ngijabule ngokuthola indondo yePlayer of the Month, ngiyabonga kakhulu,” kusho lo mdlali ekhuluma ne-media team yeqembu.
“Iqiniso wukuthi ngijabule kakhulu kwiCultural. Ngiyazwana nozakwethu, nabaphathi beqembu, kanti nedolobha lakhona ngiyalithanda kakhulu.
“Angazi ikusasa lingiphatheleni kodwa ke ngizwile ukuthi kuneqembu elizama ukungisayinisa. Lezo zinto ngizishiya ezandleni ze-agent yami.”