Owayengumdlali weKaizer Chiefs osehlaziya ibhola uJunior Khanye uthi uthole izinsongo zokubulawa ngemuva kwezinkulumo zakhe zokuthi Amakhosi ngeke ayinqobe iligi kule sizini.
UKhanye uvame ukuzidonsela amanzi ngomsele uma ekhuluma ngeChiefs kwi-iDiski TV kuYouTube njengoba evame ukugxeka abadlali bayo nebhola elidlalwa yiqembu.
“Ngisuke ngenza umsebenzi wami. Ngeke ngisabe ukuhamba emgwaqeni ngenxa yabantu. Noma ubani ofuna ukungilwisa, kulungile, ngikushiya ezandleni zikaJesu nabaphansi,” kusho uKhanye.
“Ngathola izinsongo zokubulawa ngesikhathi ngithi ngeke bayiwine iligi. Babethi ‘sizokubulala’ ‘sizokuthuba’ nokunye. Kodwa ngangibaziba. NgiwuJunior Khanye abantu bayangazi…ngeke ukwazi ukubona ke ukuthi ubani okuzondayo noma okuthandayo.
“Mina ngisuke ngizibekela umbono wami. Ngiskue ngingasho ukuthi abakweseke engokushoyo. Ngiyakholelwa kwizinto engizishoyo ngoba angigcini ngeChiefs kuphela. okuningi engikusho ngeSUndowns nangePirates kuvame ukwenzeka.
“Nangesizini edlule abantu babethi iPitates izowina iligi ngoba yahlala kunombolo 1 izinyanga eziyisithupha kodwa kwagcina kungenzekanga.”