Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso uthi akalindele ukuthi umqeqeshi weKaizer Chiefs apake ibhasi emdlalweni wabo kusasa.

IChiefs neSundowns bazotholana phezulu eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo ngo 15:30 ntambama.

Ekhuluma nabezindaba ngaphambi kokubhekana nezikaNasreddine Nabi, uCardoso uthe akalindele ukuthi lo mqeqeshi asebenzise amaqhinga okugqisha emuva.

“Angimboni eshintsha indlela avame ukuya ngayo emdlalweni. Kukhona phela azokushintsha ngoba ebona ukuthi umdlalo uhamba kanjani njengoba nathi senza,” kusho uCardoso.

“Ngiyamhlonipha, uyawazi umsebenzi wakhe futhi ufuna ukukhulisa iqembu lakhe. Ngiyakubona lokho ngoba ngathi ulungiselela ikusasa leqembu.”

UCardoso uqhube wathi ulindele umdlalo onzima kwiKaizer Chiefs.