IReal Madrid iphinde yashaya edume ngazo iphunyuka emlonyeni wengwenya ishaya iManchester City sekuvalwe amehlo emdlalweni we-UEFA Champions League. 

Leli qembu liphinde lafinyelela komunye umdlalo wamanqamu eChampions League, lapho lizobhekana khona neLiverpool F.C. 

NgoLwesithathu ebusuku iMadrid isindiswe amagoli amabili kaRodrygo angene ngomzuzu ka-90 kade idliwa ngo 1-0 ngegoli elinamathiselwe wuRiyard Mahrez ngomzuzu ka-73. 

Umdlalo uye esikhathini esengeziwe uKarim Benzema washayela isipikili ngephenathi kwaba u 3-1 (agg 6-5). 

Ekhuluma ngemuva komdlalo umqeqeshi weMadrid uCarlo Ancelotti ushayele abadlali ihlombe ngokuzimisela kwabo enkundleni bencisha iMan City izikhala zokudlala ikakhulukazi esiwombeni sokuqala. 

IMadrid isizobhekana neLiverpool emdlalweni olindelwe ngabomvu ozoba seStade de France, eParis ngoMay 28, ngo-9 ebusuku. 

Isibabuli somdlali weLiverpool uMoh Salah, onamagoli awu-8 kwiChampions League kule sizini uphumele obala wathi ufuna iMadrid esitikini eParis, ngaphambi kokutgi iMadrid ishaye iCity. Iphupho lakhe lokubuyisela izinduku kwiMadrid eyabashaya kwifinal ngo-2018. USalah akawuqedanga lowo mdlalo, waphuma elimele ihlombe ngemuva kokushayisana noSergio Ramos, osegijima kwiPSG. 

USalah nokho angagcine ezisola ngesifiso sakhe. IMadrid, esinqobe iChampions League izikhawu eziwu-13, yagcina ukushaywa ngesizini ka-1980/1981. Leli qembu selinqobe ama-final ayisikhombisa edlule elidlale kuwo kulo mncintiswano. Okunye okuzoqinisa iMadrid ukhakhayi wukuthi ifinyelele kowamanqamu ngokushaya amaqembu okubalwa kuwo iPSG, Chelsea neMan City kanti isiqede konke ngesicoco seLaLiga. ILiverpool idlule emaqenjini athambile kunalawa, ngakolunye uhlangothi usasembangweni wesicoco seligi neManchester City futhi isabhekene neFA Cup final lapho ezodlala khona neChelsea ngoMay 14. 

ILiverpool nayo ayibona ompushana nokho njengoba ike yafaka induku iCity kule sizini futhi isele ngephuzu elilodwa kuphela kuyo. Igcine ukunqoba isicoco seChampions League ngo-2019. 

Okuzoshubisa lo mdlalo kakhulu wukuthi kunabadlali abathathi nakanjani abazoba sembangweni weBallon d’Or uKarim Benzema, Moh Salah noSadio Mane. 

Kuzosiphuka izidindi!