Umqeqeshi weManchester City uPep Guardiola uthi akwamukeleki ukuhlulwa kwabo iReal Madrid ebilandela ngemuva eSantiago Bernabeu.

ICity ibisibeke unyawo olulodwa kowamanqamu ngesikhathi uRiyad Mahrez eshaya igoli ngomzuzu ka-73. Konke kuvele kwashabalala uRodrygo Goes eshaya amagoli amabili esikhathini esengezwe unompempe. Umdlalo ubuhleli ku 2-1, kwayiwa kwi-extra-time.

Ibhola likaJack Grealish livinjwe lingakaweqi umugqa nelinye lavinjwa uThibaut Courtois sekubukeka kungathi iyona iCity ezobaleka nomphumela.

Akuthathanga isikhathi eside ngaphambi kokuba iMadrid ishaye elinye igoli okube yiphenathi evalelwe uKarim Benzema ngomzuzu ka-96.

Ekhuluma nabeBT Sport, uGuardiola uthe kubuhlungu ukukhishwa ngalendlela ngoba bese belibona ikhenana. IMadrid ayikaze imshayele unozinti weCity u-Ederson umdlalo wonke.

“Bekusele kancane. Besisondele kodwa sihlulekile ukufika kowamanqamu. Besihluleka ukuqinisa esiwombeni sokuqala. Besingafaki Umoya kodwa neMadrid ibingafaki ukushisa. Sibe ngcono sesishaye igoli. Sinyukelwe umgqigqo, nomdlalo uqale ukushisa, nabadlali bebekhululekile enkundleni.

Imizuzu elishumi yokugcina besivika IMadrid ihlasela. Ngiyavuma bahlaselile emizuzwini yokugcina, besihluleka ukubavala. Kodwa bengingacabangi ukuthi sizogqobhoka. Bafaka abadlali abaningi ebhokisini, uMilitao, Rodrygo, Benzema, Vinicius Jr no-Asensio. Bonke bebesebhokisini lethu. Bagobe amabhola, angena kanjalo amagoli.

Asithwalanga kanzima. Nebhola lethu belingekho nzima. Abadlali bafikelwa ingcindezi emidlalweni enzima. Bekusondele. Ibhola aliqondakali, kufanele sivume ukuthi sihluliwe,” kubeka uGuardiola.

Ishobolo leCity kwiChampions League liqhubekile njengoba ngokudlule bashaywa iChelsea kowamanqamu. UGuardiola uthe uyabona kunabadlali abaphatheke kabi kodwa akusekho ukukhala ngoba neligi ibalindile.

Abadlali baphoxekile. Besisondele ekufikeni kowamanqamu weChampions League. Sidinga isikhathi sokidlulisa lokho, sekuyaphoqa ukuthi sibuyele emuva siyoqedela imidlalo esele,” kusho uGuardiola.