Umqeqeshi weSwallows uDylan Kerr uzitusa ngokushaya umsebenzi oncomekayo, inkinga isale kubadlali abanamaphutha asefake iqembu engozini yezembe kwiDSTV Premiership.

UKerr, obebonakala ukuthi ushiselwa insimbi kwiziNyoni, uthe kuyaphoqa ukuthi nabadlali bagxekwe uma kuxoshwa abaqeqeshi.

ISwallows iphinde yahluleka ukubalekela izembe ngesikhathi ibhekene naMaZulu ngoLwesibili. Bayishaye ngo 1-0 isekhaya.

Ekhuluma nabezindaba sekuphele umdlalo, uKerr uthe abadlali abahluleka ukuqedela amathuba, akukho okutheni angakwenza yena.

“Kuyahlekisa uma umdlali egeja eseduzane nepali. UNdlovu ugeja ngisho esesondele ngemitha epalini uma sisejimini. Uma ehluleka ukushaya igoli elilula ejimini, uzokwenza kanjani uma sekuwumdlalo? Ukube uyazimisela ejimini, ngabe unyukelwa ukuzethemba. Akanandaba ejimini, uphinde alibambe ibhola uma kufanele akhahlele. Angiqondi ukuthi ukwenzelani lokho,” kusho lomqeqeshi.

Uthi ukwenza konke okusemandleni kodwa akulungi lutho. Ukhomba abadlali akabasola ngokungazikhandli ngokwanele.

“Uma ngihluleka ukufunda amaqembu esizodlala nawo, siphinde sihlulwe ngenxa yalokho, ngizovuma ukuthi iphutha elami. Ngiyawenza owami umsebenzi. Ngiyalungiselela, ngiqinisekise ukuthi asihlulwa emdlalweni. Ngiyafa ngaphakathi ngoba bekungafanele sihlulwe namuhla,” kusho uKerr.

Lomqeqeshi uzwakale esesabela nomsebenzi wakhe, edalula ukuthi abadlali nabo banesandla ekuxoshweni kukamqeqeshi.

“USihlalo (David Mogashoa) useLondon. Uzophatheka kabi uma ezwa ukuthi sihlulwe AmaZulu. Ngizomfonela ngithini kuye? Sihlalo siyahluleka ukushaya amagoli, iphutha elami. Ngabe usizongixosha nami? Akaxoshwa umdlali ngoba egeja amagoli, angeke axoshwe ngoba enza amaphutha kodwa kuzoxoshwa mina. Ibhola linjalo,” kubeka uKerr.