Umholi weDemocratic Alliance (DA) uHelen Zulle uthi ingafana nento engekho iGovernment of National Unity (GNU) ngaphandle kweqembu lakhe.
UZille ubeke kanje ephendula umbuzo kwiFaceTheNation ngoLwesibili ukuthi uyibona imi kanjani iGNU uma kungaphuma iDA.
“Abatshalizimali bangaphuma, amazwe omhlaba angayibuka ngelinye iso iNingizimu Afrika, futhi ingakhishwa nakwi-AGOA…abantu kumele baqonde ukuthi kuningi okuzophazamiseka,” kusho uZille.
UZille ubeka kanjena nje noNobhala we-ANC uFikiule Mbalula sekunesikhathi ethi ‘abahamba abahambayo’ uma ebuzwa ngobudlelwano bezika Tambo neDA.
UMbalula usola uZille ngokudelela i-ANC ngokunjalo neGNU. Kuzokhumbuleka ukuthi uZille ezinyangeni ezidlule uke wakuchitha ukuthi yinto ekhona iGNU, kunalokho wavuma ukuthi wumfelandawonye (coalition) wamaqembu, akuwona uhulumeni wobumbano.