Uhlela ukufaka isicelo sebheyili uMlamuli Mondli Khoza (28) oboshwe ngecala lokubalala amalungu amahlanu omndeni eBethany, eBergville, ngoMgqibelo ebusuku.
UKhoza ubevele okokuqala enkantolo yeMantshi eBergville ngoLwesibili kulandela ukuboshwa ngoMsombuluko ecashe emfuleni onehlathi elicane.
Imantshi ithe akabuye enkantolo kusasa njengoba esathungatha ummeli kahulumeni ukuze akwazi ukufaka isicelo sebheyili, umbuso othe uzosiphikisa.
Ngokombiko weSolezwe ngoMsombuluko, “Umsolwa ubone ummese obukade ukusofa, wawuthatha wagwaza unina ngawo kodwa wakwazi ukuphuma endlini abaleke. Ube esejikela kumalume wakhe, wamgwaza washona ezama ukubalekela emzini kamakhelwane,” kusho okhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel Robert Netshiunda.
UNetshiunda uthe umsolwa uphinde wagwaza wabulala owesifazane obekade ephila nokukhubazeka nezingane ezimbili – eneminyaka emibili neneyisithupha. Kuthiwa umsolwa ubuye wagwaza wabulala owesifazane osekhulile obevakashele kubo.
“Unina kamufi nengane yentombazane eneminyaka emine bagwazwe amanxeba amaningi kodwa basindile. Udadewabo kamsolwa nengane yakhe enonyaka basinde ngokulambisa,” kusho uNetshiunda.