Umdlali omataniswa nelinye lamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika uPercy Tau, usephumele obala wachitha imibiko yokuthi ufuna ukushiya kwi-Al Ahly.

Inkontileka kaTau (30) isele nonyaka owodwa, osekuqubule imibuzo ngekusasa lakhe. Kukhona ngisho amaziko ezindaba ebesemkhomba kwiKaizer Chiefs, kuthiwa uzojoyina uma ilanda uPitso Mosimane.

UTau, oteketiswa ngelikaLion of Judah, uthi empeleni uzimisele ukuhlala kwi-Al Ahly ngisho umholo wakho ungancishiswa ube wuhhafu ngoba leli qembu selifana nomndeni wakhe.

“Angikucabangi nakancane ukushiya i-Al Ahly. Izindaba ezithi ngiyashiya, izindaba nje. Ngizimisele ngokuqhubeka ngidlalele i-Al Ahly ngisho ungehliswa ngohhafu umholo wami ngoba leli qembu selifana nomndeni wami. Angikwazi ukucabanga ngokuhamba,” kusho uTau obekhuluma nabenzindaba ngaphambi kokuvula kwenkundla entsha ye-Al Ahly.

UTau uthe i-Al Ahly inkulu njengeBarcelona neMan City emhlabeni uma kukhulunywa ngokulandelwa kwayo ngakho usekulungele ukuthi awagaxe emgibeni ewumdlali wayo.