Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uthi ezakhe kumele ziqale zijwayele ukuhlale zifinyelela okungenani kuma-semifinal eCAF Champions League ukuze bezoqeda ukucanasa kwamaqembu aseNorth Africa.
ISundowns izobhekana neqembu laseTanzania iYoung Africans emlenzeni wesibili wequarterfinal namhlanje ebusuku eLoftus Versfeld Stadium ngo-8 ebusuku. Zibambene ngo 0-0.
Ekhuluma ngaphambi kwalo mdlalo uRulani uphinde wakhumbuza izintatheli ngesifiso sabo sokuqeda ukucanasa kwamaqembu aseNorth Africa esingabala kuwo i-Al Ahly, Wydad Casablanca namanye.
“Ngibatshelile abadlali ekuqaleni kwesizini ukuthi akuwenzi umqondo ukucabanga ngokuwina iChampions League uma ungahlali ufinyelela kuma-semi final noma kowamanqamu. [Inhloso] wukunqamula ukubusa kwamaqembu asenhla ne-Afrika,” kusho uMokwena.
“Ngiqonde ukuthi, yilokhu abahlale bekwenza. Ngakho-ke, kufanele sigxile ekutheni isizini ngayinye, kufanele sibe kowandulela owamanqamu nowamanqamu futhi sizame ukudiliza lokho kubusa.
“Kufanele siziphushe futhi sibe yingxenye yomdlalo owandulela owamanqamu nowamanqamu weChampions League noma yimuphi umqhudelwano oqhamukayo. Uma uzibeka kulezo zikhundla, ungase uphume konke, uyazi.”