Inkantolo yezokhetho isichithile isicelo se-ANC sokuthi kukhishwe iMK Party ohlwini lamaqembu angenele ukhetho lwango-2024.
Inkantolo ithi i-ANC yanikezwa ithuba lokuphikisa ukubhaliswa kwe-MK Party kodwa yangakwenza lokho. Ngaphezu kwalokho inkantolo iveze ukuthi ikhomishini yokhetho ayinaso isikhathi esibekile sokuzwa izikhalo zenhlangano ngenye inhlangano sesidlulile isilkhathi sokwenza lokho.
Inkantolo ikhale ngokuthi uma ihambisana nesicelo se-ANC, kuzophazamiseka uhlelo oludala olubekiwe lokulungisa izikhalo ngaphambi kokhetho ngaphandle kokufaka izinkantolo.
[BREAKING NEWS] ANC application to deregister MK Party dismissed. The governing party asked the Electoral Court to deregister the new party. More on #DStv403 pic.twitter.com/nGQhUPSfyb
— eNCA (@eNCA) March 26, 2024
Ithe akukho okungenziwanga ngendlela ngesikhathi iMK Party ifaka isicelo sokungenela ukhetho, futhi akusho lutho ukuthi amaphepha ayo afika ngamanconzu.
Khonamanjalo, abanye abahlaziyi bezepolitiki sebeveze ukuthi i-ANC ishaye isikhala ngokufaka lolu daba enkantolo ngoba isikhulise ukuzethemba kweMK futhi kufana nokuthi iyimakethe mahhala.