Iqembu elikhiphe i-Orlando Pirates kwiCAF Champions League iSt Eloi Lupopo seliveze ukuthi libhalele iCAF likhala ngempatho yeZimnyama e-Orlando Stadium.
ILupopo iveze lokhu engxoxweni neKickOff, lapho ezwakalise ukungenami ngokungabikwa ngezikhalo zayo kwiCAF nge-Orlando Pirates ngemuva komlenze wesibili.
Unobhala jikelele weLupopo uJean Luc Kapend uthi bafuna iPirates ivalwe ekusebenziseni i-Orlando Stadium.
“Kuyamangaza ukuthi anibhale lutho ngesikhalo sethu nge-Orlando Pirates,” kusho uKapend.
“Sibhalele iCAF sikhalaza ngempatho yeBucs enobudlova ebibhekiswe kubadlali bethu nakubaqeqeshi. Kunokuthile abakufutha egumbini lethu okuyingozi.
“Isikhalazo sethu sihamba nama-video angaphezulu kuka-10…sicele iCAF ukuthi ivale ukusetshenziswa kwe-Orlando Stadium.”
Kuzocaca maduze ukuthi iCAF inquma kanjani kwizikhalazo ezithole kwi-Orlando Pirates nakwiLupopo. Kuzokhumbuleka ukuthi iBucs nayo ifake izikhalo zayo ngeLupopo njengengendlela yokuzama ukubuyiselwa kwiCAF Champions League.
Funda udaba olungezansi ukuthola kabanzi ngezikhalo zeBucs.