Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usamile kumbono wakhe wokuthi akacijiwe ngokuphelele umgadli weCape Town City uKhanyisa Mayo. 

UMayo wasala ngaphandle esikwatini seBafana esibuye nendondo yethusi kwi-African Cup of Nations (AFCON) ebibanjelwe e-Ivory Coast. 

Lomgadli ubevele esengumshayimagoli ohamba phambili ngamagoli ayisikhombisa ngesikhathi sekuzomenyezelwa iqembu lesizwe elizolibangisa e-Ivory Coast. 

UBroos ukholwa ukuthi kusafanele abhukule uMayo uma ezimisele ngokubizelwa emakhempini eqembu lesizwe. 

“Angivumi ukuthi kukhona umdlali oneminyaka engu-25 okusafanele alungise ibhola lakhe. UMayo kufanele alungise ezindaweni ezibuthaka ukuze ezoba ngcono. Mhlampe kuzomthatha iminyaka emibili ukulungisa, kungenzeka kufike lesosikhathi esephelile ngokwebhola.” 

“UMayo unesikhathi sokukhuphula amasokisi ezindaweni ezibuthaka. Uneminyaka engu-25, kufanele ngabe useqeqeshe ngokuphelele.” 

“Kuyenzeka abanye abadlali bakhuphuke ngokwezinga ngokushesha uma ubaqhathanisa nabanye. Kuyenzeka umdlali oneminyaka engu-20 adlale ibhola elihle. Liyasebenza nethalente,” kuchaza uBroos ekhuluma nabeSowetan. 

UMayo ushaye igoli elilodwa ngempelasonto ezakhe zibambana ngo 1-1 neChippa United. 

Lomgadli uphinde wabhakuzisa inethi bewashiswa ijezi yiSuperSport United kwiNedbank Cup ngoLwesibili. UMayo ushaye igoli eliphoqe ukuthi umdlalo uphelele emaphenathini, nokuyilapho iCity ihlulwe khona ngo 3-1. 

UBroos uthi kusashoda kuMayo, okufakazelwa ukubizwa kukaThapelo Maseko (21) no-Evidence Makgopa (23) esikwatini. 

“Kusekhona izinto ezibalulekile ezishoda kuMayo. Mhlampe ubezosizakala uma esebenzisana nomqeqeshi ocija abagadli noma azilolonge eceleni. Ngicabanga ukuthi kusafanele sibafundise eceleni abanye abadlali eNingizimu Afrika, ikakhulukazi labo abasebancane ngokweminyaka,” kuchaza uBroos.