`Inkakha ye-Orlando Pirates u-Andries Sebola isixwayise uPatrick Maswangayi ukuthi kumele alungise indlela aziphatha ngayo enkundleni aphinde afunde ukuwabala amagama akhe.`

USebola ubeke lo mbono kulandela ukusabalala kwevideo kaMaswanganyi eshaya umdlali weSuperSport United ngendololwane emdlaweni wangempelasonto weMTN8. Abaningi bathi lo mdlali wayefanelwe yikhadi elibomvu ngokwemithetho yebhola, kodwa wasinda.

Lo mdlali ngesizini edlule uke wangqubuzana noThapelo Xoki, owathi usamfunda ukuthi uwuhloboluni lomuntu.

USebola uthi uMaswanganyi kumele akulungise ngokushesha lokhu.

“Kumele afunde ukuwabala amagama akhe, ehlise nokuzitshela Ukuphikisana nephini lomqeqeshi welinye iqembu nokushaya umdlali ngendololwane…wayezothola ikhadi elibomvu ukube unompempe wakubona lokhu,” kusho uSebola engxoxweni neFARPost.

“Uma efuna ukuba wumdlali omkhulu kwiPirates kumele afunde ukulawula imizwa yakhe. Akakabi wumdlali omkhulu kwiPirates, usanda kufika, kodwa uwumdlali omuhle.”

UMaswangayi uthole izindondo zeDStv Premiership Player’s Player of the Season, Midfielder of the Season, neNedbank Cup Player of the Tournament ngemuva kokushaya into ecokeme kwiBucs ngesizini edlule.