Umdlali weMamelodi Sundowns uMarcelo Allende uthi akuthi diki uma ecabanga ngokunqobi neyodwa indondo kumaPSL Awards yize engomunye wabadlali abashaya into ecokeme ngesizini edlule.
U-Allende (25) ungomunye wabadlali abahlonishwayo e-Africa kanti kuyabonakala noma engekho enkabeni yesisu kwiDowns.
IDowns yakhipha izigidi ezibalelwa ku-$3 million ithenga u-Allende eqenjini lase-Uruguay iMontevideo City Torque ngoJulayi wango-2022.
U-Allende uthi ukunqoba izindebe yikhona okubaluleke kakhulu ukudlula amaPSL Awards.
“Angeke ngithi ngiphoxekile ngoba ngincamela ukunqoba indebe. Ibhola lidlalwa yiqembu, ngibona kuyizindebe ezibaluleke kakhulu.
“Ngiphoxwe ukungayinqobi iMTN8, Nedbank Cup neChampions League (CAF). Ngizibekele ijoka lokunqoba izindebe neqembu, okunye okuseceleni angikukhathalele.
“Ngijabule eqenjini ngoba ngiyasithola isikimu, lokho kudala ukuthi izinga lami likhuphuke. Ngijabule kwiSundowns, ngifuna ukuqhubeka nokuthola isikimu kulesizini,” kusho u-Allende ekhuluma nabezindaba.
“Bonke abadlali banezingqinamba ababhekene nazo. Ngiyavuma ukuthi anginawo amagoli amaningi. Kufanele ngikhande amanye amagoli,” kuchaza u-Allende.
ISundowns izovula isizini ngomdlalo weMTN8 nePolokwane City ozodlalelwa eLucas Moripe Stadium ngeSonto.