Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi kuyamdida ukubhacaza kwezakhe emidlalweni yeligi ekubeni bevuthela isibhaxu kweyezinkomishi.
IPirates iqhubeke nefomu enhle kweyezinkomishi ishaya iSuperSport United ngo 3-1 emdlalweni weMTN8 ophele ku-extra time ngoMgqibelo.
URiveiro, owafika kwiBucs ngoJulayi 2022, usenqobe izinkomishi ezintathu neBucs eyagcina ukuqukula iligi ngesizini ka-2011/12.
“Ngiyafisa abadlali bangitshele imfihlo yabo uma kunemidlalo yezinkomishi kodwa bashaye udaka kweyeligi. Ngifuna beqhubeke nefomu efanayo noma sekunemidlalo yeligi. Sibhekene nomqansa kwiligi, kusadingeka sishintshe indlela yokucabanga emidlalweni yeligi. Sinerekhodi elihle emidlalweni yezinkomishi.
“Sihlalelwe umqansa wokudlulela esigabeni samaqoqo kwiChampions League, okuyinto esihlulekile ukuyenza ngesizini edlule. Kodwa sifuna ukwenza kangcono kwiligi. Kudingeka sithole isisombululo esizogqugquzela abadlali nasemidlalweni yeligi,” kuchaza uRiveiro ekhuluma nabezindaba sekuphele umdlalo.
URiveiro ubonge nabalandeli beqembu abaphume ngobuningi bezogcwalisa i-Orlando Stadium.
“Angibonanga ukuthi inkundla ibigcwele phama kodwa bekuminyene. Kuyinto ejwayelekile ukugcwala kwe-Orlando. Ukugcwala kwenkundla kuyinkomba yokuthi abalandeli bayalithanda iqembu. Abalandeli badlale indima enkulu kulomdlalo.
“Angikaze ngitatazele noma iSuperSport isithole igoli lokulinganisa. Abalandeli baqhubekile nokweseka iqembu noma sekubheda, lokho kubasizile abadlali, ikakhulukazi labo abasebancane ngokweminyaka.
“Amanye amaqembu awajwayele ukubekezelelwa abalandeli noma isimo singesihle. Sinenhlanhla enkulu,” kubeka uRiveiro.