Inkakha yeKaizer Chiefs neBafana Bafana uDoctor Khumalo ithi isinqumo seCAF neFIFA sokuthi abadlali bangajoyina amazwe abo sekusele isonto ngaphambi kokuqala kwe-Africa Cup of Nations sikhombisa ukuwuthatha kancane lo mqhudelwano.

Ngesonto eledlule iFIFA neCAF bamemezele ukuthi amaqembu angakwazi ukugcina abadlali kuze kusale isonto elilodwa ngaphambi kokuqala kwe-AFCON, okuyinto engajwayelekile.

Isikhathi esiningi abaqeqeshi bachitha amasonto amabili noma amathathu nesikwati ngaphambi kokuqala kwalo mqhudelwano. Kuvamile ukuthi kube nezinkinga ngabadlali abadlalela amaqembu amakhulu e-Europe, nokuyilapho afaka izicelo zokuthi abadlali bajoyine sekusele isonto elilodwa ngaphambi kokuqala komqhudelwano. Kulokhu isinqumo sithathwe yiCAF neFIFA.

“ICAF kufanele ifunde ukuvikela ibhola lase-Africa,” kusho uKhumalo ekhuluma kwiSoccerzone.

“Siyazi abadlali abaningi bavela e-Europe, kodwa kufanele bahloniphe umqhudelwano wethu.

“ICAF kufanele icabange ngezinsuku okudlalwa ngazo i-AFCON ngoba zingqubuzana nezinsuku zamaligi ase-Europe.

“Uma ubuka lento ungazitshela ukuthi yiFIFA esephutheni kanti empeleni yiCAF. Uma kuyiFIFA eye kwiCAF iyokwenza lesi siphakamiso bekufanele benqabe. Yini ezokwenziwa abaqeqeshi ngezinsuku eziyisikhombisa nabadlali?

“Kodwa ke ngakolunye uhlangothi lento izoyisiza iBafana ngoba u-90% wabadlali bethu badlala kuleli.”