Usuthathe elinye igxathu umbango weMkhonto weSizwe Party njengoba uMnuz Jabulani Khumalo eseshicilele isitatimende ememezela ukuthi uyayamukela imphumela yokhetho futhi uzoba khona uma sekuvulwa iPhalamende.
UKhumalo, kule ncwadi ozibiza ngomholi wangempela weMK, uthi bazobe bekhona namalungu eMK ukuzofungiswa njengamalungu amasha ePhalamende.
“Umbhalo weMK wokuthi ngeke lihlale iPhalamende ngaphandle kwamalungu awu-58 eMK awulona iqiniso futhi uyasihlaza.
“Umholi wangempela weMK, okuyimina, akahambisani nalo mbhalo. Ngisho abeMK bangahluleka ukuza ngenxa yokwesaba uMnuz Jacob Zuma, izinhlelo zePhalamende zizoqhubeka.
“UMnuz Zuma ngeke aqhubeke nokusebenzisa ngokungendlela izinhlaka zentando yeningi…Ngingakuqinisekisa futhi nokuthi siyawamukela umphumela wokhetho owethulwe yi-Independent Electoral Commission futhi awekho amanga kaZuma azowisa lelizwe.”