Umholi we-Economic Freedom Fighters uMnuz Julius Malema uzwakalise okumuntu onganeme ngesiphakamiso se-ANC sokuthi kube nohulumeni wobumbano ozohlanganiswa yisivumelwano samaqembu ahlukene ezepolitiki.

Izolo umengameli we-ANC uMnuz Cryil Ramaphosa umemezele izinhlelo zikahulumeni wokubusa ngokubambisana, kodwa akuwona wonke amaqembu aneme ngalokhu.

UMalema ubhale ekhasini lakhe uTwitter ehlaba ukuthi kungani uRamaphosa ne-ANC belawula okumele kwenzeke ngokuphathwa kwezwe ekubeni bengalitholanga iningi okhethweni.

“Ukuzitshela kusaqhubeka noma abavoti baseNingizimu Afrika sebenixwayisile. Anikwazi ukulawula indlela eya phambili sengathi ninqobe ukhetho.

Izolo ngesikhathi ememezela uhulumeni wokubambisana uRamaphosa uthe bafuna ukusebenzisana namaqembu azohlonipha umthethosisekelo, azobeka izidingo zabantu phambili.

“Sizomema amaqembu ezepolitiki ukuthi akhe uhulumeni wobumbano wesizwe njengendlela engcono kakhulu yokuyisa izwe lethu phambili,” kusho uRamaphosa.

“Izindlela ze-GNU zizobheka izimo ezikhona njengamanje emlandweni wezwe lethu.”

Khonamanjalo, omunye wabaholi be-ANC kodwa oseshaywe ngesithende ngaphansi kobuholi bukaCyril Ramaphosa, uNksz Lindiwe Sisulu, uphukamise imibuzo ngamahebezi okubambisana kwe-ANC neDA. Uthi kungani i-ANC ingakhulumo namaqembu aboHlanga kuqala.

“Sikhetha i-DA ngoba kwenzenjani nje ngoba sehlukene kakhulu ngemigomo nemibono nayo. Sinabantu esibethembise ukubamela sibenzele konke kodwa i-DA akuyona indlela esingayisebenzisa. Siyiyekeleni i-IFP noma i-MK namanye amaqembu?’’ kubuza uNksz Sisulu.