Umdlali weStellenbosch FC uDevin Titus ukholwa ukuthi ukuqiniswa kweqembu ngabadlali abasha kuzobanyusela amathuba okunqoba isicoco seDStv Premiership ngesizini ka-2024/25.

IStellies simangaze abaningi ngesizini edlule sidla umhlanganiso kwiCarling Knockout Cup ngoDisemba wango-2023. Leliqembu eliphekwa uSteve Barker lishise izikhotha kwiligi, lagcina liqede endaweni yesithathu ngosuku lokugcina. 

 UTitus, oshaye amagoli angu-12 emidlalweni engu-39 ngesizini edlule, unethemba lokuthi bangayiwina iligi.

“Kufanele sizethembe, sikulwele ukunqoba iligi. Wonke amaqembu asebenzela ukudla isicoco seligi. ISundowns (Mamelodi) izoba yizimfivilithi ngenxa yesipiliyoni abanaso. Kuyenzeka iqembu elinganakiwe limangaze abantu, nginethemba lokuthi singayinqoba iligi kulesizini. Ngiyakholelwa kubadlali abakhona, bazolikhuphula iqembu,” kubeka uTitus ecashunwa abeSowetan.

UTitus (24), owahlomula ngomklomelo weCarling Knockout Player of the Tournament, uthi akakugqizi qakala ukunqoba izindondo zangasese uma lingasizakali ngalutho iqembu.

“Ukunqoba iCarling Knockout neqembu kwanginyusela amathuba okuklonyeliswa ngendondo yomdlali ovelele. Ngiyayibonga kakhulu lendondo kodwa ngajabula kakhulu ngesikhathi iqembu linqoba inkomishi. Anginandaba nezindondo ezinikezwa abadlali. 

“Ibhola limayelana nokudlala niyiqembu. Ngifuna ukusiza iqembu linqobe izindebe kulesizini. Anginandaba nokunye, ngizimisele ngokusiza iqembu,” kubeka uTitus.

IStellenbosch sesiqalile ngezinhlelo zokuqinisa isikwati ezogadla ngaso kwiCAF Confederation Cup. Leliqembu selisayinise uLehlohonolo Mojela, Sanele Barns no-Omega Mdaka.