Kuphelile obekuhlanganisa iMamelodi Sundowns noRulani Mokwena. IMamelodi Sundowns iqinisekise lezi zindaba esitatimendeni ngoLwesithathu ntambama.
Ngokwesitatimende, iqembu noMokwena bavumelene ngokuthi ahambe, okusho ukuthi unxeshezeliwe ngokunqanyulwa kwenkontileka yakhe yeminyaka emine.
“ISundowns iyabonga kakhulu kuRulani ngakwenzele iqembu nempumelelo afike nayo ewumqeqeshi. URulani uyohlale eyingxenye yomndeni weMamelodi Sundowns futhio simfisela amadlelo aluhlaza.
“Isinqumo sithathwe yi-board yeSundowns kulandela ukubukwa kokuzuziwe ngesizini edlule kwaqhathaniswa nobesifisa ukukuzuza. Akuhlangene nomuntu oyedwa eqenjini.
ISundowns isazibophezele ekuqinisekiseni ukukhula kwabaqeqeshi nabadali bakuleli. Umqeqeshi uManqoba Mngqithi nabasizi bazoqhubeka bepheke abadlali njengoba kulungiselelwa isizini entsha.