Obengumqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uthi uhambe engafuni kuleli qembu kodwa ngeke akwazi ukudalula eminye imininingwane ngoba ‘uzongena enkingeni’.

ISundowns izolo iqinisekise izindaba zokuhlukana noRulani kodwa sekucacile manje ukuthi kufana nokuthi uxoshiwe lo mqeqeshi, okungahambisani nesitatimende sokuthi bavumelene ngokuhlukana.

“Bengingafuni ukuhamba. Ngicela ukukucacisa lokho. Ngicabanga ukuthi isandla sami siphoqiwe,” kusho uMokwena engxoxweni noRobert Marawa izolo ngemuva kokuxoshwa kwakhe kwiDowns.

“Kuningi engifisa ukukusho kodwa ngisayine isivumelwano esinginqandayo ekukhulumeni ngezinye izinto. Uma ngikhuluma ngazo ngizongena enkingeni,” kuchaza yena.

“Angisiqondi isinqumo seqembu. Kodwa empilweni ziningi izinto ezingaqondakali, kumele uzamukele.”

Ebuzwa ukuthi usengabuyela yini ekubeni yiphini lomunye umqeqeshi uMokwena uthe usanesifiso sokuba yiphini lika-Ernst Middendorp ngenxa yolwazi analo ebholeni nokuthi uyahlonishwa eGermany kodwa uqoka ukuba seNingizimu Afrika.

Ukuxoshwa kukaMokwena kwiDowns kuthuse abaningi njengoba lo mqeqeshi ebesanda kunqobela iqembu isicoco sesikhombisa kulandelana. Ngokwemibiko evele kuleli sonto isizathu esiphambili ekuxoshweni kukaMokwena ukungaboni ngasolinye phakathi kwakhe nomqondisi webhola uFlemming Berg.

Kuthiwa uBerg noMokwena abavumelani ngamaqhinga asetshenziswa yiqembu nangabadlali abasayiniswayo nabahambayo.