Njengoba iMamelodi Sundowns iphaka ithulula kulezi nsuku, kungase kube khona nabanye abadlali abazolandela uRulani Mokwena emnyangweni ophumayo ukuze umqeqeshi omusha ezothola ithuba lokusebenza nabadlali ‘bakhe’.

ISundowns isivele ivalelisile kuBongani Zungu, Gaston Sirino, Brian Onyango noThabiso Kutumela. Bese kungaseyona imfihlo ukuthi uRulani ubengeneme ngokuhamba kukaBen 10, kodwa waveza ukuthi uyasihlonipha isinqumo seqembu.

Omunye umdlali ongasekho emabhukwini eSundowns u-Abubeker Nassir okwagcinwa elimele kodwa uRulani wagcina eseveza ekhuluma emsakazweni ukuthi akasekho eChloorkop.

Ukuvela kwezindaba zokungaboni ngasolinye phakathi kukaRulani nomqondisi wezemidlalo uFlemming Berg ziphelezelwe ngezinye eziveze okubenze baxabana. Kokubalwa phambili ukungavumelani ngabadlali abathengwayo nabadedelwayo. Kuvela ukuthi uRulani ubenganeme ukuthi iqembu lihlulekile ukumsayinisela oyedwa phakathi kukaKhanyisa Mayo noTshegofatso Mabasa njengoba ebebona eshodelwa wumgadli phambili. Lokhu kwacaca esigabeni somkhumulajezi kwiCAF Champions League iSundowns ihluleka ukubhakuzisa inethi njengenjwayelo.

Nakwiligi ibisiqala ukudonsa ngodizili phambi kwepali kwalamula ukubuya kwefomu kaPeter Shalulile ngasekupheleni kwesizini.

Kuthiwa uRulani walandelwa uThembinkosi Lorch kwiPirates noma uBerg ayenganeme ngokusayiniswa kwalo mdlali. Lokhu kusho ukuthi uma umqeqeshi omusha efika engakuthandi akubona kulo mdlali, maningi amathuba okuthi uzobe ekhuhla ibhentshi ngesizini ezayo okungaphetha ngokuthi agcine esededelwa.

Omunye umdlali okubukeka ezohamba wuTebogo Mokoena osekunesikhathi kunomdonsiswano phakathi kwakhe neDowns ngenkontileka yakhe entsha. UTebza uyafunwa e-Egypt naseQatar, kodwa kungenzeka umqeqeshi omusha akulwelele ukumgcina. Phela lo mdlali ubalwa phambili e-Afrika, hhayi kuleli kuphela, ngenxa yendlela adlela ngayo kwi-Africa Cup of Nations.

Kunesimwana esizungeza uThemba Zwane, okuthiwa inkontileka yakhe igcine yeluliwe ngonyaka owodwa. Ngabe yenza iphutha elikhulu ngokudedela uMshishi njengamanje iDowns kodwa bekukhona ukungagculiseki ngendlela adlale ngayo kwiDowns ngaphambi kwe-AFCON. Empeleni kukhulunywa eyokuthi uBerg ubezimisele ngokuthi adedelwe ekupheleni kwenkontileka akuyo. Ukuba yinkakha kwalo mdlali nokho kuzokwenza kube nzima ukuthi avele adedelwe kanjalo nje.

Okwamanje kusathule ngezindaba ebezimatanisa uKhuliso Mudau netransfer kodwa ukusondelana kwakhe noRulani kungase kugqugquzele uBerg ukuthi amdedele uma kubekwa imali ebhekile etafuleni.

Khonamanjalo, umdlali osahlale isizini eyodwa kuphela kwiDowns, uJunior Mendieta, kuthiwa utshele umsakazo wangakubo ukuthi ulibangise eGreece njengoba engeneme ngokubekwa ebhentshini.