Sphamandla Gumede 

Umgadli weJuventus uCristiano Ronaldo ubonge abalandeli beqembu ngesikhathi ezakhe ziqeda kunqoba isicoco seSerie A ngeSonto eTurin Stadium. 
IJuventus ishaye iSampdoria ngo 2-0 wamagoli kaRonaldo noFederico Bernadeschi ngeziwombe ezahlukene. Lomphumela uqinisekise ukuthi iBianconeri isiwina isicoco seligi amahlandla angu-9 elandelana. 

URonaldo oseshaye amagoli angu-35 kuyona yonke imiqhudelwano kulesizini, ubhale ekhasini lakhe ku-Instagram ebongela abalandeli. 

“Siqedile, singompetha base-Italy. Ngijabule ngokuwina iligi ihlandla lesibili kulandelana kanye nokuqhubeka ngikhulise umlando waleliqembu elikhulu. Lesi sicoco esabalandeli beqembu, ikakhulukazi labo abatheleleke ngesifo iCovid-19 ehlasele umhlaba wonke. Bekungekho lula. Ukuzethemba, ukuziphatha nokuzinikela enkundleni ngamanye amagalelo ebesiwandinga ukuze sibhekane nobunzima bokunqoba iligi,” kubhala uRonaldo. 

URonaldo onamagoli angu-31 kwiligi, ushwebe iphenathi kulomdlalo. Usele ngemuva kuCiro Immobile weLazio ozihola phambili ngamagoli angu-34. 

Umqeqeshi weBianconeri uMaurizio Sarri ubewina isicoco sokuqala seligi njengomqeqeshi. USarri wahluleka esakwiNapoli kanti kwiChelsea uqede isizini ka-2018/19 esendaweni yesine.

IJuventus ibambe umoya ngesimo somgadli osefomini uPaulo Dybala ophume eselimele ngesiwombe sokuqala. 
IJuventus isalelwe imidlalo emibili kuSerie A. IBianconeri izovakashela iCagliari ngoLwesithathu ngaphambi kokuqeda isizini ka-2019/20 ngomdlalo ne-AS Roma. 

Lezi zinkunzi zase-Italy zisahlalelwe umqansa wokubuyisa izinduku uma sezibhekene ne-Olympique Lyon emdlalweni womlemze wesibili we-UEFA Champions League ngo-Agasti. IJuventus yahlulwa ngo 1-0 ekuhambeni.