Owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane usecebise iKaizer Chiefs ngokungena emakethe iyothenga abadlali abanohlonze uma izimisele ngokubuyisa izinsuku zenjabulo eNaturena.
IChiefs, engenayo umqeqeshi oqinisekisiwe, izithele ngehlazo iqeda ngaphandle kwetop 8 ngesizini ka-2023/24.
IGlamour Boys, eqede endaweni yeshumi kwiDStv Premiership, ibibalwa namaqembu ashaye udaka phambi kwamapali kulandela ukushaya amagoli angu-25 isizini yonke.
UPitso ukholwa ukuthi izinkinga zeChiefs zizolungiswa ukuthezwa kwabadlali abasezingeni.
“Izinhlelo zeChiefs ziyaheha kodwa ngibona ubunzima uma sikhuluma ngesikhathi abasibekela umqeqeshi. Angizimisele ngombandela wokuqeda kwitop 8. Kufanele ngiboniswe uhlelo olukhombisa inqubekelaphambili.
“Amanye amaqembu azohlomula ngezigidi zezimali njengoba eyodlala kwiClub World Cup. Ibhola lase-Africa selishintshile. Angiyinaki kakhulu indaba yemali, ngibuka uhlelo nemibandela ebekiwe. Ngibheka nesikhathi engibekelwe sona ukuze ngizofeza imibandela ebekiwe.
“Kwakunzima ukushintsha isimo kwiMamelodi Sundowns. Iqembu lalihluleka nokungena kwitop 8 ngesikhathi ngifika. Ngaqala kabusha ngikhanda iqembu,” kuchaza uPitso ekhuluma kuMetro FM Sports.
UJingles uthi iSundowns kanye neManchester City yase-England basaqhubeka nokudla izicoco ngoba bashaya iphakethe bathenge abadlali abadingakalayo.
“Sikhuluma ngeKaizer Chiefs, iqembu elinomlando omkhulu. IChiefs ibidlala ngabadlali abasezingeni kusukela eminyakeni yakudala. Asikhulumi ngeMaritzburg United, kodwa indaba ithinta iChiefs. Abadlali abasezingeni bebegijima kwiChiefs, angeke unqobe imidlalo uma bengekho abadlali abaseqophelweni eliphezulu.
“UPep Guardiola akanawo umlingo, ushintshe izinto kwiManchester City ngoba wathenga uHaaland (Erling) nabanye abadlali abasezingeni.
“Ngenza okufanayo kwiSundowns ukuze ngizojika izinto. Kwakudingeka abadlali yize kwakukhona abanye ababethandwa eqenjini. ISundowns isaqhubeka nokuthenga abadlali, yingakho uRulani (Mokwena) esezingeni eliphezulu,” kuchaza uPitso ongenalo iqembu kulandela ukungavuselelwa kwenkontileka yakhe ne-Abha FC yaseSaudi Arabia.