Sekushiye imibuzo ukumenyezelwa kukaBrandon Truter njengomqeqeshi omusha weRichards Bay FC obephikwe wusihlalo weqembu uJomo Biyela izolo ntambama emsakazweni.
IBay ishicilele isitatimende imemezela uTruter njengomqeqeshi omusha weqembu kulandela ukusabalala kwevideo yakhe efika esikhumulweni sezindiza iKing Shaka International Airport ngoLwesithathu ntambama.
UTruter uzobe engaqala ukusebenza kwiNatal Rich Boyz njengoba ayeyipheka ngesizini ka-2018/19. Ngokwesitatimende, lo mqeqeshi ogcine ukusebenza kwiSekhukhune usayine inkontileka yonyaka owodwa kodwa iBay isangayelula ngomunye unyaka uma inelisekile ngomsebenzi azowenza.
Ukuvela kwalezi zindaba sekushiye imibuzo ngamandla kaBiyela kuleli qembu njengoba izolo ephikise u-Andile Ncube ohlelweni lwakhe wathi kungamanga ukuthi usayine inkontileka naye.
UBiyela uthinte iMetro FM kulandela ukuzwa obengumqeqeshi weBay uVusumuzi Vilakazi edalula izizathu ngokuhamba kwakhe.