UVusumuzi Vilakazi usekuqinisekisile ukuthi akaseyena umqeqeshi weRichards Bay FC waveza nesizathu sokushiya kwakhe.
Izindaba zokuhlukana kukaKanu neBay zivele kuleli sonto, kanti kuze kwalandela nemibiko yokuthi indawo yakhe ingase ivalwe ngoLehlohonolo Seema noma uBrandon Truter.
Noma iBay ingakaphumeli obala ngokuxosha lo mqeqeshi, yena useziqinisekisile lezi zindaba.
“Kuyiqiniso, angiseyena umqeqeshi weBay. Bengilindele ukuthi kuzoshaya lesi sikhathi iqembu selikhiphe isitatimende kodwa abakwenzi…kodwa iqiniso ukuthi angiseyena umqeqeshi,” kusho uVilakazi.
Ebuzwa ngesizathu, uthe ucela ukungangeni agamanxe kwizizathu zokushiya kwakhe njengendlela yokuhlonipha iqembu nosihlalo weqembu uJomo Biyela.
“Ngifisa ukubabonga ngethuba abangiphe lona, bekungokokuqala ngibhekene nengcindezi yokuzama ukusiza iqembu livike izembe. Ngicabanga ukuthi ngayidlala indawo yami, noma kuthatheka kancane kodwa ke kulungile ngoba ngangingekho zisuka…
“Angilikhulume iqiniso lokuthi sisayine inkontileka emasontweni amathathu edlule. Ngicabanga ukuthi ezinsukwini ezintathu ezedlule, baphinde bazama ukungisayinisa enye inkontileka. Ibifana neyokuqala kodwa umehluko kube wukuthi kufakwe iperfomance clause, yengezwa ngonyaka owodwa, kwaphinde kwashintshwa nesinxephezelo ebengizosithula uma sihlukana ngaphambi kokuphela kwenkontileka.”
UVilakazi uthe ubenganankinga neperfomance clause, kodwa uthe bekumele ihambisane nemidlalo ababhekene nayo uma kuvulwa iligi njengoba abaphathi bakhe bathe bafuna amaphuzu awu-8 njalo ngemidlalo emihlanu…okusho ukuthi bebefuna aqede isizini namaphuzu awu-48, okuyinto uVilkazi athe ibingeke ibe lula.
Uthe lokhu kusho ukuthi ubezoxoshwa ngemuva kwemidlalo emihlanu uma ehluleka ukuthola amaphuzu awu-8 kuyo.
Uthe bekungeke kwenzeke lokhu ngoba kunabadlali abasha abasadinga ukujwayela, akazi kuzobathatha isikhathi esingakanani ukuthi bajwayele baqoqe amaphuzu ngokushesha.
“Ngibone kungcono ukuthi ngidede, mhlawumbe ukhona omunye umqeqeshi ozokwamukela abakufunayo.”