Oyinhloko yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi uzibekele umbandela wokunqoba iCAF Champions League kulesizini ngoba ukuqukula isicoco seligi sekuyinto ehlezi ilindelwe abalandeli nabaphathi.
IDowns inqobe isicoco seligi ihlandla lesikhombisa kulandelana ngesizini ka-2023/24, yaphula nerekhodi lamaphuzu (73) emidlalweni engu-30.
IBafana Ba Style yaphinde yashweba kwiChampions League ikhishwa yi-Esperance Tunis kuma-semifinals.
UMngqithi uthi abasaziqhenyi ngokuba omakhonya kwiPSL, kunalokho sebelwela ukubuya nenkanyezi yesibili e-Afrika.
“Sekuyinto elindelwe ukuthi sicanase kwiPSL, sengifuna sibuye neChampions League. Angisenandaba nePSL, yingakho ngikhuluma ngokushinstsha ibhola esilidlalayo.
“Ngicabanga amaqembu azosifakela ukushisa njengalawa esabhekana nawo e-Austria. Satholana neDynamo Kiev esahlungela ukungena kwiChampions League (UEFA). I-Al Hilal izodlala kwiClub World Cup, kanti ihlome ngabadlali abayingozi.
“Angifuni ukukhuluma ngokucanasa kweSundowns kwiPSL, lokho kuyinto elindelekile. Angeke siziqhenye noma sibange umsindo ngokuthi sishaya kwasani kuPSL.
“Sihlalelwe yijoka yokunqoba iChampions League manje. Iyona indebe esishoda ngayo engikholwa ukuthi sekusondele siyiwine,” kusho uMngithi ekhuluma kwiThe Pitchside Podcast.
“Angikwazi ukwamukela ukuhlulwa, ngizama ngokusemandleni ukunqoba yonke imidlalo. Lokho kuchaza ukuthi kufanele sizimisele kuyona yonke imiqhudelwano esizodlala kuyo,” kusho uMngqithi.