I-Economic Freedom Fighters ithi isifundazwe iKwaZulu-Natal kumele siholwe yiMK Party njengenhlangano eqoqe amavoti angaphezu kwamanye amaqembu okhethweni ngenyanga edlule.

I-EFF iveze lokhu esithangamini sabezindaba izolo, ngemuva kokusuku obelushubile amaqembu ephumela obala ngokuthi ami ngakuphi kuhulumeni omusha.

“I-EFF ayikungabazi nakancane ukuthi iMK Party kumele inikezwe ithuba lokuphatha isifundazwe iKwaZulu-Natal. Sizokweseka konke okuhambisana nokuthi isifundazwe siphathwe yiMK, njengeqembu elithole amavoti angaphezulu kwamanye kulesi sifundazwe,” kusho umholi we-EFF uMnuz Julius Malema.

“I-EFF izoqhubeka ibe yiqembu elilwela inkululeko yezomnotho nokuthuthuka kwezimpilo zabantu. Ngeke sikuyeke lokho ngenxa yezimo ezithile ezingenza izinto zibe lula. Sisawuvulile umnyango wethu ukuthi sibe nezingxoxo ngohulumeni ongeke uyifake iDA neFF Plus.”

Kuzokhumbuleka ukuthi i-EFF ngemuva kokhetho yashesha yaphumela obala ngokuthi ayizimisele ngokusebenzisana namaqembu ezepolitiki ‘abhekelela izinhloso zabamhlophe.’