Ukhale ngaphansi enkantolo enkulu eWestern Cape uMnuz Jabulani Khumalo obefake isicelo sokuthi abuyiselwe njengomholi weMK Party ukuze ezofungiswa njengelungu lePhalamende kusasa.

Ngesikhathi ikhipha isinqumo inkantolo iqale yaveza ukuthi akulona udaba oluphuthumayo lolu, futhi ngaphezu kwalokho uKhumalo akakakunqobi ukuphikiswa kokumiswa kwakhe kwiMK njengoba amiswa njengelungu leqembu.

UKhumalo ubefuna ukumisa ukufungiswa kwamalungu ePhalamende kusasa ngoba ethi nguyena umholi weMK ngakho naye ubecela ukuthi abe yingxenye yabazoya ePhalamende.

IPhalamende bese livele limyalele ukuthi akekho ohlwini lwezicukuthwano, okuyikho okwenze afake udaba oluphuthumayo eWestern Cape High Court.

Khonamanjalo, iPhalamende namhlanje ntamba liphinde lakuqinisekisa ukuthi akulona iqiniso ukuthi ngeke likwazi ukuhlala ngaphandle kwamalungu awu-58 eMK Party uma egcina engalubhadanga.

IPhalamende liveze ukuthi kudingeka u-33.33% wamalungu ePhalamende ukuze kwenziwe abadinga ukukwenza okungukubeka umengameli wezwe noSomlomo wePhalamende.