Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema uthi uhulumeni wobumbano kuleli uzobe ubuswa amaxoki eDA ne-ANC ajabulela izikhundla.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba ngoLwesine ebusuku uMalema uphakamise imibuzo ngokuthi iDA ne-ANC sebeqale nini ukuzwana ngoba ngisho ama-policies abo ayashayisana.
“IDA ike yakhalaza, yesekwa, ifuna kususwe umengameli [Cyril Ramaphosa], yakhalaza ngoPaul Mashatile nangabo bonke abantu abanenkohlakalo kwi-ANC. Manje abasasho lutho ngakho konke lokhu,” kusho uMalema.
“Lokhu kuyinkomba yokuthi kukhona obadonsa amakhala obatshele ukuthi kuzokwenziwa kanje, akekho futhi okumele abuze imibuzo. Kungani iDA manje isibona ‘ubuhle’ noma ubuholi obuqotho kwi-ANC ekubeni kade bengabuboni sonke lesi sikhathi?” kubuza yena.
UMalema uqhube wathi i-ANC nayo idlale ngethuba lokuthi bavalele ngaphandle amaqembu abamhlophe afuna ukulawula ukuphathwa kwezwe. Uthi leli qembu lihlulwe yini ukusebenzisana namaqembu aboHlanga afuna ukuthuthukisa izimpilo zabantu abahluphekayo kuleli.
♦️Must Watch♦️
— Economic Freedom Fighters (@EFFSouthAfrica) June 14, 2024
President and Commander In Chief, @Julius_S_Malema addressing members of the media at the #EFFPresser
A Party like Freedom Front that says part of its conditions to go into a coalition is that we must delcare Orania as a White Afrikaner land. And you say to us we… pic.twitter.com/8IW4AwGTbG
Lo mholi uqhube wacacisa ukuthi akakhulumi kanje ngoba engabafuni abantu abamhlophe noma ezinye izinhlanga, kodwa ulwa nalabo abafuna ukulawula ukuphathwa kwezwe ngendlela ezocebisa abamhlophe kuphela.