Sphamandla Gumede
Iphini likamqeqeshi kwiRaja Club Athletic uFadlu Davids useshayele ihlombe uRulani Mokwena ngokubumba iMamelodi Sundowns esatshwayo futhi ehlonishwayo eNorth Africa.
ISundowns iqukule isicoco seDStv Premiership ne-African Football League kulesizini ka-2023/24 ephelile, yaphula nerekhodi lamaphuzu elalikhandwe yiqembu elaliphekwa uPitso Mosimane ngesizini ka-2015/16.
Kusale kancane ukuthi amaBrazilians ashanele zonke izicoco kwiPSL njengoba aqhuzulwa yi-Orlando Pirates kowamanqamu weNedbank Cup neMTN8.
EzikaRulani zaphinde zakhishwa yi-Esperance Tunis kumasemifinals eChampions League yize zazithelwe ngeqoma.
Yize iDowns ithwala kanzima kwiChampions League, uFadlu ukholwa ukuthi sebeyahlonishwa futhi bayasatshwa kakhulu eNorth Africa.
“Ngiyambongela uRulani Mokwena ngesizini enhle. Balikhombisile izinga labo e-Africa. Amaqembu aseNorth Afrika abukela kwiSundowns, bayayihlonipha futhi bayayisaba.
“Ibhola abalidlale kulesizini belikushiya umangele, ngiyayibongela iMamelodi Sundowns yonkana,” kubeka uFadlu ekhuluma no-Andile Ncube ohlelweni iSports Nights Amplified.
Lomqeqeshi osanda kuphothula iziqu ze-UEFA Pro Licence, ubongele iqembu lakhe lakudala i-Orlando Pirates neStellenbosch ngabakuzuze kulesizini ka-2023/24.
“I-Orlando Pirates idlale kahle, yabuya nezinkomishi ezimbili. Kufanele ngibongele noSteve Barker owenze umsebenzi oncomekayo efaka iStellenbosch e-Africa. Badlale kahle kulesizini. Bengililandela ibhola laseNingizimu Afrika, izinto bezishukuma kwiPSL,” kubeka uFadlu.
UFadlu ulekelela uJosef Zinnbauer kwiRaja kusukela ekuqaleni kwesizini ka-2023/24. Leliqembu liqhwakele esicongweni seBotola Pro League njengoba lingakaze lithole induku emidlalweni engu-29.
IRaja idinga amaphuzu amathathu ngomhlaka 14 Juni ukuze izophakamisa isicoco seligi, iqophe nomlando wokungahlulwa isizini yonke.