Owayengumdlali weKaizer Chiefs osehlaziya ibhola uJunior Khanye uthi Amakhosi abhekene nenkinga emapalini okufanele ayilungise njengoba esola uBruce Bvuma ngokupha iMarumo Gallants amaphuzu amathathu ngoMgqibelo.

IGallants ikhale yemuka namaphuzu aphelele ishaya iChiefs ngo 2-1 eFNB Stadium. Ikhuphukele kunombolo 9 ngalo mphumela, isiyalingana ngamaphuzi neChiefs.

UKhanye usola uBvuma ngokudlisela.

“Ubhedile unozinti. Bekufanele aliyise kude ibhola ngesikhathi evimba. Ulishaya kanjani ibhola liwele eduzane, litholwe yizitha,” kusho uKhanye ekhuluma kwi-iDiski TV.

“Sikhuluma ngomdlali onamava la. Angiqondile ukumgxeka kakhulu kodwa kufanele silikhulume iqiniso.

“Iqembu lidliwe ngenxa yakhe. IChiefs ibingaphuma ne-draw. Uma ungenayo unozinti usenkingeni enkulu, ikakhulukazi iqembu elikhulu njengeChiefs. IPirates iphethe omunye wonozinti abaphambili kuleli uSipho Chaine, uRonwen Williams, iChiefs akukho muntu.

“Ngenye yezinto engizibona ziqhatha iqembu nenduku.”

IChiefs isele nemidlalo emibili kwiBetway Premiership.