Umgadli weReal Madrid uKylian Mbappe usephendule izinkulumo zakamuva ezibekwe wuNeymar Jr ngaye oveze ukuthi kwamvusela isikhwele ukufika kukaLionel Messi kwiPSG.

UNeymar uveze lokhu enkulumweni yakamuva lapho abechaza khona ngempilo yakhe ebholeni. Waveza ukuthi babezwana noMbappe kodwa ubudlelwano babo baqala ukubhimba sekufike uMessi, ngoba uMbappe wayengathandi ukubona uNeymar encokola nabanye abadlali ngoba base besondelene.

Ngemuva kokufika kukaMessi uNeymar uthi baqala ukuxabana noMbappe bebanga izinto ezingathi shu isikhathi esiningi, kodwa ingqikithi yendaba isekufikeni kukaMessi.

Ephendula le nkulumo uMbappe ubeke kanje:

“Ayikho into engizoyisho ngenkulumo yakhe. Ngiyamhlonipha kakhulu uNeymar.

“Ngifuna ukukhumbula izinto ezinhle ngaye, uwumdlali okhethekile emlandweni webhola. Ngimfisela inhlanhla nomndeni wakhe.”

UMbappe iphinde waveza ukuthi okumenze wathatha isikhathi ukungena egiyeni kwiMadrid wukuthi ubechitha isikhathi esiningi ecabanga ngokufanele akwenze uma esenkundleni, kunokudlala ngokukhululeka.

Uthi usefundile ukuthi kwiMadrid wonke umdlalo ufana nowamanqamu, osekumenze wakhuphula izinga lakhe lokudlala.

Lo mgadli unamagoli awu-12 emdlalweni ewu-18 kwiligi kule sizini. Isele ngamagoli ayisithupha kuRobert Lewandowski emjahweni weGolden Boot.