Sekuvele ukuthi awu-4,956 amathikithi adayiselwe abantu ezitolo zakwaShoprite, Checkers nase-Usave omdlalo wamanqamu weNedbank Cup.

Lokhu kuvezwe esithangamini sabezindaba esibizwe yiPSL ngoLwesithathu ngaphambi komdlalo weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo 15:30 ntambama.

IPSL icele uBertie Grobbelaar owumqondisi wakwaStadium Management South Africa ukuthi iyibhekele umbiko we-Open Tickets bese ebahlaziyela achazele nabalandeli bebhola kuleli ukuthi lubhimbe kuphi uhlelo lokudayiswa kwamathikithi ngoMsombuluko.

Ngokombiko, iMabhida ikwazi ukumumatha abantu abawu-49,307. Ngakho ke kudayiswe amathikithi ahambisana nalesi sibalo.

Kumathikithi ehospitality kudayiswe amathikithi awu-5,307. Kumathikithi aphiwe abaxhasi namaqembu athintekayo, kudedelwe awu-3,000. Kusale amathikithi awu-41,000 egeneral access adayisiwe aphela kusadlule imizuzu ewu-90.

UGrobbelaar uthi ukuphela kwamathikithi ngokushesha yikho okudalele i-Open Tickets izinkinga ngoba iwebsite yayo ibisaqhubeka nokudayisa amathikithi ngisho sekufinyelwele kwisikali sika-41,000. Ukuthengwa ngokushesha kwamathikithi online kuchaze ukuthi abe wu-4,956 amathikithi agcine edayiselwe abantu abebebambe olayini ezitolo.

Kumathikithi athengwe ezitolo iKZN ithole u-34% wamathikithi, iGauteng ithole u-35%, iMpumalanga yathola u-8,5% wamathikithi awu-4,956.

Kumathikithi adayiswe online kwa-Open Tickets naseComputicket awu-39% amathikithi adayiselwe abantu baseKZN, Gauteng idayiselwe u-32,7%, iMpumalanga yadayiselwa u-12% (akabange esazibala ezinye izifundazwe).

UGrobbelaar uqhube waveza ukuthi kunenqwaba yabantu okufanele babuyiselwe imali yabo ngoba bebeqhubeka bethenga online ngisho esephelile amathikithi.

“Ayikho inkundla engakwazi ukumelana nesibalo sabantu abasuke befisa ukuzobuka umdlalo weSoweto Derby. Ngakho ke abantu kumele baqonde ukuthi sisebenza ngesinakho,” kusho iCEO ebambile kwiPSL uMato Madlala.

Uqhube waveza ukuthi bebengeke bakwazi ukukhipha isitatimende ngoLwesibili ngodaba lwamathikithi ngoba bebesazohlangana nenkampani ebidayisa amathikithi ngokunjalo namaphoyisa esifundazwe.