Abalandeli beKaizer Chiefs kubacasule kabi ukusabalala kwenkulumo kaFadlu Davids ochaze kabanzi ngamaqhinga asetshenziswa wuNasreddine Nabi kwiBotola Pro 1.
Kuzokhumbuleka ukuthi uFadlu ubeyingxenye yetechnical team enqobise iRaja Casablanca isicoco seligi ingashayiwe eMorocco. Umbango weligi ubuphakathi kwabo ne-AS FAR ephekwa wuNabi, egeje ngephuzu elilodwa.
Ekhuluma kwiRadio 2000 kuleli sonto, uFadlu uchaze kabanzi ngamaqhinga kaNabi, ongakamenyezelwa ngisho yiChiefs.
“Ungalindela iqembu eliya phambili futhi elidlalela ukushaya amagoli,” kuchaza uFadlu oke wapheka i-Orlando Pirates ngokubambisana noMandla Ncikazi phambilini.
“Amaqembu akhe adlala ibhola eliqonda ngqo uma kukhulunywa ngokuhlasela nokushaya amagoli.
“Iqembu lakhe yilona elishaye amagoli amaningi kwiligi, kodwa iningi lawo abewhamuka emabholeni abekwe phansi namaphenathi.
“Bebeqonda ngqo uma ubaqhathanisa nesitayela sethu ebesisidlala kule sizini kodwa bebekwazi ukuthola imiphumela.”
Abaningi bavele bashesha bakuveza ukuthi ngathi udlalisa ibhola lika-Ernst Middendorp elingagxilile ekugcineni ibhola, kodwa ekuhlaseleni nakuma-set piece.
Khonamanjalo, kubikwa ukuthi lo mqeqeshi uzofika nabasizi bakhe ababili kanye nomqeqeshi wonozinti kuMakhosi. Oyedwa wabasizi bakhe kuthiwa uzotheleka kuleli sonto ukuze ezolungiselela ukufika kukaNabi ngenyanga ezayo.
Noma amaziko ezindaba amaningi ethi useqede konke neChiefs, eMorocco kusabikwa ukuthi iAS FAR isazama ukumjika umqondo ukuthi ahlale.