Iziko lezemidlalo elihlonishwayo eNorth Africa libika ukuthi umqeqeshi odabuka eTunisia uNasreddine Nabi usevumelene neKaizer Chiefs ngokuba wumqeqeshi wayo omusha.
Ngokombiko weBEIN Sports News, uNabi useshiyile kwi-AS FAR (Royal Moroccan Army Club) kulandela ukuphothulwa kwesizini ka-2023/24.
“Umqeqeshi waseTunisia u-Al Nabi uselishiyile iqembu leRoyal Moroccan Army ngemuva kokuvumelana neqembu laseNingizimu Afrika iKaizer Chiefs,” kusho umbiko weBEIN Sports.
Kuzokhumbuleka ukuthi iGibela yayibikile ukuthi izingxoxo nalo mqeqeshi ziyaqhubeka kodwa kulindwe ukuthi anqobe isicoco seligi kodwa bagcine bephucwe iqatha emlonyeni yiRaja Casablanca.
Izingxoxo phakathi kwalo mqeqeshi neChiefs zaqinisekiswa ngowayengumqeqeshi weFree State Stars uLuc Eymael.
Ngesizini edlule iChiefs yagcina ivinjwe ukubanda ephaketheni ngesikhathi izama ukuqasha uNabi, noma yagcina isikuphika ukuthi yake yaxoxa naye.
Lo mqeqeshi waziqinisekisa izingxoxo nokho eveza okwaholela ekutheni egcine engajoyinanga.
“Bengifuna benginikeze ithuba ngize namaphini amabili azongisiza,” kuchaza uNabi ngoJuly 2023.
“Ngabona ukuthi kuzoba nzima ngesikhathi bethi kunabantu abanezinkontileka okuzochitha imali eningi uma zinqantulwa.
“Ngakhetha lapho ukuvele ngiyeke ukukhuluma nabo.”