UMike Makaab, oyimenenja kaSamkelo Zwane, uthi sebelinde kufike umqeqeshi omusha kwiKaizer Chiefs ngaphambi kokuqinisekisa isinyathelo esilandelayo ngekusasa lalomdlali eNaturena. 

Kubikwa ukuthi uZwane (22) kungenzeka abolekiswe noma edayiswe njengoba iqembu limatasa ngezinhlelo zangesizini ka-2024/25.

Lomdlali oyibamba esiswini, uthwale kanzima ukuthola indawo ngesizini esanda kusongwa yize iqembu liphekwe uMolefi Ntseki noCavin Johnson ngokuhlukana kwezikhathi. Bobabili labaqeqeshi bebepheka bethulula kodwa uZwane ubengalinuki ijezi.

UMakaab uthi sebelindele ukubona umqeqeshi ozomenyezelwa yiqembu ngaphambi kokuthatha isinqumo

“USamkelo uzoqhubeka nokuhlala kwiChiefs. Umqeqeshi omusha uzoba nethuba lokuhlola bonke abadlali ngaphambi kokuqala kwesizini. 

“Angeke ngimbhekele elinye iqembu uma sikholwa ukuthi unethuba lokulwela indawo yakhe eqenjini. Uqale ukudlala kwi Kaizer Chiefs eneminyaka emincane. Uyazifela ngeqembu, kungani kufanele ahambe? 

“Okubaluleke kakhulu ukumbolekisa noma simtholele iqembu elisha uma kucaca ukuthi angeke adlaliswe. Angifuni sixhamazele kuleyondaba. Ngikhuluma okufanayo ngoMduduzi Tshabalala, Mfundo Vilakazi, Donay Jansen noWandile Duba,” kusho uMakaab ekhuluma kwiGagasi FM.

Kuyimfihlo esobala kwabezindaba ukuthi iChiefs izomemezela uNasredinne Nabi njengomqeqeshi wayo omusha. UNabi usabambe kwi-AS FAR Rabat yaseMorocco.

UMakaab uthi ubona kuzoba yigxathu elihle ukuqashwa kukaNabi.

“Kuzokwenziwa izinguquko eqenjini. Kukhulunywa ngoNabi kodwa akekho onesiqinisekiso. IChiefs iyona ezomemezela uNabi nethimba lakhe uma esesayinile. 

“Sizojabula some ngoba ngibona kuyigxathu elihle ukuqasha uNabi. Ukulungiselela isizini entsha kuzocacisa ngezinhlelo zikamqeqeshi mayelana nabadlali beqembu bonke,” kuchaza uMakaab.