Sphamandla GumedeĀ
Uyazigqaja ngabadlali beqembu lesizwe abathole amadlelo aluhlaza emazweni aphesheya umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis, othi lokhu kuzokhulisa iqembu lesizwe.
Ukaputeni weBanyana uJanine van Wyk usayine neGlasgow City yaseScotland ngesonto eledlule kwalandela ngomgladli uJermaine Seoposenwe othengwe yiBraga yasePortugal ngemuva kokudlalela iReal Betis. UNothando Vilakazi no-Amanda Mthandi basayine emaqenjini aseSpain i-EDF Logrono neBadajoz FC ngokuhlukana. Omunye umdlali uKelso Peskin othengwe yiStade Breatois edlala eFrance.
“Kuyamangalisa okwenzeke kulezi zinsuku ezilishumi ezedlule. UKelso ulibangise eFrance, uJermaine ulibhekise ePortugal. UNothando no-Amanda bona baya eSpain futhi uJanine van Wyk ubheke eScotland, kuyamangaza kakhulu,” kuchaza u-Ellis ecashunwa iPhakaaathi.
“Ngibafisela okuhle kodwa, ngiyazi bazokwenza sizigqaje ngabo. Lokhu kuyingxenye yokufunda nokukhula, okuyisipiliyoni esizosiza iqembu lesizwe,” kusho u-Ellis.
Akuhambanga kahle kwisethenjwa somgadli uThembi Kgatlana njengoba ededelwe yiqembu lasePortugal iBenfica ngesonto eledlule. Kodwa imenenja yakhe ithi kukhona abazokumemezela ngaye maduze.
U-Ellis ukholelwa ukuthi baningi abadlali beBanyana abazosayina namaqembu aphesheya eminyakeni ezayo.
“Lokhu kuzovulela nabanye abadlali amathuba. Kuzoliqinisa kakhulu iqembu. Sengisaba nokucwayiza ngoba ngizozwa kuthiwa kunomunye umdlali osesayine neqembu laphesheya,” kuchaza lomqeqeshi.