Umqeqeshi we-Arsenal uMikel Arteta uthi uhlabeke umxhwele ngomdlali wasemuva uDavid Luiz odlale kahle ngenkathi ezakhe zihlula iManchester City.

I-Arsenal idlulele kowamanqamu eFA Cup ihlula iManchester City ngo 2-0 eWembley ngoMgqibelo. Womabili amagoli e-Arsenal ashaywe uPierre Emerick Aubameyang ngeziwombe ezahlukene.

ULuiz (33) udlale ngokukhulu ukuzimisela emuva, evala yonke imizamo yokuhlasela yeMan City. Ngesiwombe sesibili uvale ibhola likaRaheem Sterling, obekubukeka sengathi liyodla inethi.

“Lokhu kuyingxenye yomdlalo. Angikaze ngingabaze izinga likaLuiz. Akazange ecashe ngemuva komdlalo weMan City. Sonke siyawenza amaphutha. Iyamangalisa indlela abekade eziqeqesha ngayo futhi esiza nozakwabo. Ngiyajabula ukuthi abantu sebezombheka njengomdlali ophelele, baphinde bamncome ngokuba kumfanele lokho,” kuchaza u-Arteta ephendula abezindaba ngemuva komdlalo.

Lomdlali ubengaphansi kwengcindezi njengoba eshaye udaka emdlalweni odlule iCity ibahlula ngo 3-0 kwiPremier League ngenyanga edlule. ULuiz wangena esuka ebhentshini ngesiwombe sokuqala, wenza iphutha elaholela egolini lokuqala. Akuphelelanga lapho njengoba lomdlali wakhishwa ngekhadi elibomvu ngemuva kokudala iphenathi ngemuva kwalokho.

Umqeqeshi we-Arsenal uMikel Arteta ejabula no-Pierre Emerick Aubameyang ngemuva kokunqoba umdlalo weFA Cup ngamagoli akhe amabili bebhekene neManchester City ngoMgqibelo. Isithombe: Instagram/Arsenal

Umhlaziyi webhola wase-England uRio Ferdinand naye uncome uLuiz ngokukhombisa eliphezulu kulomdlalo.

ULuiz unikezwe inkontileka yonyaka owodwa ngenyanga edlule ngemuva komdlalo weCity, okuyisinqumo esathuse abalandeli abaningi beqembu.

“ULuiz kumele azi ukuthi siyamthemba. Sizombonisa lokho ngokuthi simdlalise. Udlule ebunzimeni kodwa futhi kuningi okuhle asekuzuzile. Ngiyajabula ukuthi usezingeni eliphezulu manje. Ngifuna azimisele enkundleni,” kusho u-Arteta.