Umqeqeshi weKaizer Chiefs obambile uKhalil Ben Youssef uthi sebeqalile ‘ukucabanga’ ngombango wesicoco seligi ngemuva kokubuya namaphuzu aphelele emdlalweni wabo neDurban City ngoLwesihlanu.

Amakhosi anqobe ngegoli elivalelwe wuFlavio Silva sekuyophela umdlalo eMoses Mabhida Stadium. Lo mphumela ubeke iqembu kunombolo 3, noma ligcine lehlele kunombolo 4 ngemuva kwe-draw emdlalweni we-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.

Njengamanje iChiefs isele ngamaphuzu amathathu kuphela kwiSundowns esesicongweni, inomdlalo esandleni.

UYoussef uthi iChiefs ihlale ukubheka ukuyinqoba iligi.

“Ngokucabanga kwami njalo uma kuqala isizini iKaizer Chiefs isuke ifuna ukunqoba wonke umqhudelwano edlala kuyo. Sesiphumile kwiCarling Cup kodwa kusekhona iNedbank Cup, Betway Premiership kanye neCAF Confederation Cup.

“Kuyona yonke imidlalo sizolwa, futhi sesiyacabanga ngokuwina isicoco seligi. Imphumela ibingasihambeli kahle, kodwa manje sesinqobile, sizoqhubeka nokulwa bese siyabona imphumela ezolandela.”

IChiefs izozama ukunqoba umdlalo wesibili kulandelana okuyinto eyigcine ngasekuqaleni kwesizini emdlalweni wayo ne-Orbit College ngoLwesibili.