Abazali bomdlali we-Orlando Pirates olizwa ngendaba ijezi kulezi nsuku, uMonnapule Saleng, sebephumele obala baveza ukuthi indodana yabo ibanga indaba yomholo naleli qembu.

Isematheni indaba kaSaleng kule sizini njengoba eqale isizini evutha engabaselwe kodwa kwadida abaningi ukumbona engasasitholi isikimu.

Lo mdlali uyingxenye yeqembu leBafana Bafana elizodlala eyokuhlungela iCHAN, abaningi bakubona njengethua lokuthi aphumuze umqondo kancane empini abhekene nayo nabaphathi beBucs.

Ngokombiko weSunday World, abazali bakaSaleng bayiqinisekisile eyokuthi lo mdlali akaneme kwiPirates ngenxa yomholo.

Abazali bakhe bathi baqala ukunaka izinkinga zalo mdlali ngaphambi komdlalo wamamqamu weMTN8 neStellenbosch. Bathi uSaleng wayengazimisele ngokudlala, kodwa ngenhlanhla bakwazi ukumncenga ukuthi ayodlala eThekwini. Wayeseshiywe ngisho yibhasi elalithathe abadlali labayisa e-OR Tambo, wabiza i-Uber.

“Ngenhlanhla wafika kuqala kuneqembu esikhumulweni sezindiza. Wayenethuba lokudlala kowamanqamu weMTN8 noma wayengaziqeqeshanga neqembu, wadlala kahle waze wakora,” kusho unina kaSaleng uMakie.

Uthe uSaleng wamazisa ukuthi akaholelwa imali ayithenjiswa.

“Ufuna ukuhola imali ayibona imfanele,” kusho uMakie.

Ubaba kaSaleng uthe lo mdlali usecabanga ukuyishiya iPirates ngenxa yalento.

Uthe kumzwisa ubuhlungu ukubona umfana wakhe engadlali ngoba uyena yedwa obondlayo.

“Inkinga yindaba yenkontileka nje. Ngokwethu singathanda ahlale kwiPirates ngoba ingelinye lamaqembu amakhulu kuleli,” kusho yena.

ISunday World ayigcinanga ngokukhuluma nabazali bakhe, kodwa ize yayokhuluma nomngani wakudala kaSaleng uBoikanyo Maine oqinisekise indaba ka-R70,000 eyayibikwe wuMicky Jnr emasontweni ambalwa edlule.

Ngaphandle kwendaba yomholo, kuke kwabikwa ukuthi okunye okuphethe kabi lo mdlali ukungaphumeleli kokudayiswa kwakhe ngaphambi kokuqala kwale sizini njengoba ebemataniswa namaqembu ama-Arab.

Khonamanjalo, kulindeleke ukuthi uSaleng awuqale umdalo weBafana ne-Egypt wokuhlungela iCHAN.