PHUMELELE NXUMALO
ZIWUSHAYILE kumculi we-Afro Pop uTheo Kgosinkwe nesinqandamathe sakhe esiyimodeli uVourne Williams.
Izindaba zokubopha kwalaba ababili ifindo likasofasilahlane zidalulwe nguTheo ekhasini lakhe lika-Instagram lapho aveze khona ukuthi ushade “nomngani wakhe omkhulu” ngempelasonto. Embhalweni obuhambisana nezithombe zomshado uTheo uveze ukuthi bahlele ukwenza isiphihli somshado ngo-2021 njengoba beshade umshado omncane ngenxa yokhuvethe.
“Ngenxa yokhuvethe, mina noVourne besinqume ukuwuhlehlisela u2021 umshado wethu, kodwa besingeke sisakwazi ukulinda ukuze sibe ngumakoti nomkhwenyana. Izolo, ngishade umngani wami omkhulu. Asisakwazi ukulinda ukubungaza nemindeni nabangani ngonyaka ozayo,” kusho umbhalo.
Ukushada kwalaba bobabili kulandela ukuvela kobudlelwano babo ngo-2018 abese benesikhathi benabo kodwa bebufihlile. Ngemva kokugqashuka kwefindo lomshado weminyaka engu-15 kaTheo noRose anabantwana ababili naye, uTheo ubeziqhelelanisa neso labantu izindaba zakhe ezithinta ubudlelwano. UTheo ucele uVourne ukuba amshade ngoJulayi nyakenye ngesikhathi bedla isidlo sakusihlwa sokubungaza usuku lokuzalwa kukaVourne ehlanganisa iminyaka engu-26.