PHUMELELE NXUMALO
ZIYALEKANYANA izinkinga zikasomahlaya wakuleli uMongezi ‘TollAssMo’ Mahlangu osolwa ngumlingisi nemodeli uLerato Moloi ngokumnukubeza ngokocansi.
UToll Mo usolwa nguLerato ngokumnukubeza ngesikhathi eqopha uhlelo lukamabonakude ePaarl eNtshonalanga Kapa ngo-2014. ULerato ukhiphe isitatimende ekhasini lakhe likaTwitter esithi angeke ayeke ukufuna ubulungiswa ngokunukubezwa nguToll Mo.
“Ngo-2014 nganukubezwa ngokocansi ngadlwengulwa nguMongezi ‘TollAssMo’ Mahlangu ngesikhathi ngisebenza ohlelweni lukamabonakude ePaarl, eNtshonalanga Kapa. Ngesizathu esithize angizange ngimvulele icala ngaleso sikhathi ngatshela kuphela omunye engangisebenza naye ohlelweni. Ukuhlukumezeka, ukuzisola namahloni okuhlukunyezwa kungishiye nezibazi zomphefumulo ezingenakulinganiswa iminyaka engu-6 eyedlule,” kusho isitatimende.

ISITHOMBE: Twitter
ULerato uveze ukuthi ezinyangeni ezimbili ezedlule uzanywe izikhathi eziningi ukuvalwa umlomo ngalezi nsolo azibhekise kuToll Mo.
“Ezinyangeni ezimbili ezedlule ngithunyelelwe ngezincwadi ezivela kubammeli bakhe ezithi mangisuse imibhalo engayifaka kuTwitter. Ngathunyelelwa ngencwadi yenkantolo yokuvikela ehambisana nomthetho wesikhashana ongiphoqa ukuba ngisuse imibhalo yami kuTwitter ngenhloso yokungivala umlomo ngemva kwesikhashana nje ngithole izwi lokukhuluma ngengabhekana nakho. Lokhu kuholele ekutheni kukhishwe umyalelo wokuthi ngiboshwe ngagcina ngiboshiwe.
“Kuyethusa ukuthi umthetho ofanelwe ukuvikela izisulu uyasetshenziswa uphinde ulawulwe ukuze ucindezele uphinde uvale izisulu umlomo, ikakhulukazi izisulu zeGBV (ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane). Bekunzima futhi kukhungatha kumina ukuphila nalokuhlukumezeka yonke le minyaka, kodwa manje ngiyabona ukubaluleka kokuzisusa la mahloni okudlwengulwa. Udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane lusaqhubeka nokuhlukumeza imiphakathi, lubulala abesifazane abasha nezingane kanti eyona ndlela esizolwa ngayo nalesi sihlava ukubhekana naso ngqo,” kusho isitatimende.
ULerato uthe, uzoqhubeka nokulandela yonke imigudu ukuze athole ubulungiswa. Uphinde wabonga bonke abebemeseka kulokhu abhekene nakho.